UZuma uhambele eChina

2011-04-13 08:44

Beijing - UMengameli wakuleli uJacob Zuma uhambele eChina ukuyothamela ingqungquthela yesithathu yabaholi be-BRICS, nokungamazwe ayisihlanu asathuthuka.

Umholi waseNingizimu Afrika uzohlanganyela okokuqala nabaholi baseBrazil, eRussia, eNdiya naseChina.

UZuma kulindeleke ukuthi abe nomhlangano noMengameli waseChina uHu Jintao ongahlangene nale ngqungquthela endaweni yaseSanya, esiqhingini saseHainan.

INingizimu Afrika yajoyina ngokusemthethweni i-BRICS ngoDisemba.

"Ukumenywa ukuthi sijoyine le nhlangano kutshengisa ukuthi amazwe omhlaba awalibukeli phansi izwe lethu," kusho uZuma etshela inhlangano yezindaba eChina iXinhua.
 

- Sapa-DPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Uchiphize waze walala u-Oscar - Umbiko

Emizuzwini eyi-9 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 14-29°C Rain late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 11-25°C Numerous showers. High level clouds. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...