UZuma uhambele e-Angola

2013-01-16 16:11

Johannesburg - UMengameli wezwe uJacob Zuma, uvakashele e-Angola ngenhloso yokuqinisa ubudlelwano beNingizimu Afrika naleli lizwe, kusho uMnyango wezangaPhandle kuleli.

"Abaholi bamazwe womabili, bazohlangana babheke izindaba ezithinta la mazwe kanjalo namanye amazwe angaphansi kwe Southern African Development Community (SADC), kusho okhulumela uMnyango uClayson Monyela.

UZuma wavakashela e-Angola ngo-Agasti ngonyaka ka-2009, ephelezelwa ngongqongqoshe abayishumi nanye.

Lokhu kuvakasha kwakhe kwabe kungukuvakasha kokuqala ngemuva kokugcotshwa kwakhe njengomengameli.

UMengameli wase-Angola uJose Eduardo Dos Santos, yena wahambela kuleli ngo-Disemba 2010, ngazo zombili izikhathi kuhlangana laba baholi, kwasayinwa izivumelwano zokuqinisa ubudlelwano.
 



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kugwazwe kwabulawa uthisha eMthatha

Emizuzwini eyi-36 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-13°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-11°C Sunny. Cool.
Dbn: 12-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 10-17°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...