UZuma ugqugquzela inkohlakalo - IFP
2013-01-15 08:31
Johannesburg - Iqembu iNkatha Freedom Party isigxeke uMengameli Jacob Zuma ngokubhebhethekisa inkohlakalo ngokuthi athi amabhizinisi kumele eseke i-ANC ukuze ahlomule.
Ngokombiko wezindaba, umengameli we-ANC -
ekhuluma kuGala Dinner eThekwini ngoLwesihlanu ebusuku - watshela abezamabhizinisi ukuthi kumele beseke i-ANC uma befuna amabhizinisi abo adlondlobale.
Esitatimendeni esikhishwe ngemuva kokuhlangana kwesigungu esiphezulu se-IFP eThekwini, okhulumela iqembu uJoshua Mazibuko uthe: "Isigungu esiphezulu se-IFP sithukile futhi siphoxekile ngokuphawula kukaZuma akwenze ngempelasonto.
"Kuyadabukisa ukuthi umengameli wezwe akhulume into egqugquzela inkohlakalo, nalapho izwe lihlaselwe khona yilesi siqalekiso."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA