'UZuma ufuna ukukhulula obhululu bakhe'

2012-04-30 08:30

Johannesburg - Iqembu i-Azanian People's Organisation (Azapo) lithi ukumenyezelwa kukashwele oyisipesheli kwezinye iziboshwa okwenziwe uMengameli Jacob Zuma, kuyimizamo yokuthi kudedelwe lowo owayengumeluleki wakhe wezimali uSchabir Shaik, kusho umbiko ngoMsombuluko.

"Sithemba ukuthi lo shwele oyisiphesheli uyimizamo yokuthi kukhululwe uShaik, nokungumuntu owaba ngumhlatshelo ukuze abe ngumengameli," kusho iphephandaba iThe Citizen licaphuna lowo okhulumela i-Azapo uFunani ka Ntontela.

Iphephandaba iSowetan licaphune le nhlangano ithi ukukhululwa kwezigebengu akusile, kodwa kungashiwo lutho ngeziboshwa zezombusazwe.

"Siyakwamukela ukuthi lesi sinqumo sithathelwe ukwehlisa ukuminyana kwabantu emajele akuleli, kodwa kumele ezinye izinto zibuyekezwe," kusho le nhlangano.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...