UZuma ududuze abakwaShiceka

2012-04-30 16:41

Johannesburg - UMengameli uJacob Zuma usedlulise amazwi enduduzo emndenini waloyo owabe enguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uSicelo Shiceka odlulile emhlabeni.

UShiceka ushonele e-Eastern Cape ngoMsombuluko ekuseni.

"Egameni likahulumeni wakuleli nabantu bonke baseNingizimu Afrika, sithi  dudu emndenini, izihlobo kanjalo nabangani," kusho uZuma esitatimendeni.

"Sizokhumbula kakhulu umfutho akade enawo. Ubesebenze ngokuzikhandla, usebenze kakhulu ezinhlakeni zikahulumeni kanjalo nasemzabalazweni ngeminyaka yawo-1980."

Amaqembu ezombusazwe nawo azwakalise amazwi enduduzo ngokudlula kukaShiceka.

Umengameli waxosha uShiceka njengongqongqoshe ngo-Okthoba ngonyaka odlule ngemuva kokutholwa ethintenka ekungenzini kahle nguMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Light rain early. Morning clouds. Mild. Pta: 14-27°C Showery. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 10-20°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-25°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. PE: 13-15°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...