UZuma ududuze abafeyilile
2013-01-03 15:03
Johannesburg - UMengameli uJacob Zuma usehalalilsele abafundi abaphumelele umatikuletsheni wabo, wase eyala laba abangaphumelelanga wathi bangalilahli ithemba.
Ukwenyuka kwesibalo sabafundi abaphumelele sisuka ku-70.2% wango-2011 siya ku-73.9% kuhle kakhulu, kusho isitatimende esikhishwe yiHhovisi likaMengameli.
"Ngithanda ukugcizelela kakhulu kulaba abangaphumelelanga, ngithi bangalilahli ithemba, kumele bavuke bazithintithe benze kangconywana."
"Okwamanje izinto azibavumanga, kodwa-ke isikhathi neminyaka konke kusavuma."
UZuma uthe laba abangeke bakhone ukungena emanyuvesi, kumele bazame ukungena emakolishi, uthi ziyabonakala izithelo zokuhlukanisa uMnyango wezeMfundo, kube khona owemfundo eyisisekelo nemfundo esemazingeni aphakeme.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).