UZuma ucelwe ukuba angenelele kolwaseDe Doorns

2012-11-14 08:31

Johannesburg - UNdunankulu waseWestern Cape uHelen Zille ucele uMengameli Jacob Zuma ukuba angenelele odabeni lwabasebenzi basemapulazini abafuna ukunyuselwa amaholo, kusho ihhovisi lakhe.

“Uzoba nzima kakhulu umthelela wale nkinga eWestern Cape kanjalo naseNingizimu Afrika yonkana uma lolu daba lungasukunyelwa," kubhala uZille encwadini eya kuZuma.

UZille unxuse uZuma ukuba ajube uNgqongqoshe wezabaSebenzi uMildred Oliphant ukuzobhekana nalesi simo.

UZille uphinde wacela iCongress of South African Trade Unions (Cosatu) ukuba ibe yingxenye yezingxoxo ngaphandle kokuphehla udlame nokusabisa.

“Kuyamangaza ukuthi iCosatu ingakhipha isitatimende esithi ‘iMarikana isisemapulazini’.”

Abasebenzi bafuna ukuhola u-R150 ngelanga esikhundleni sika-R69.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

'Bayanda abehlisa umthwalo wamabele'

Emizuzwini eyi-34 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Morning clouds. Cool. Pta: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-23°C High level clouds. Mild. Bloem: 9-17°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 17-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 12-16°C Rain showers. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...