UZuma ubonge othisha

2012-10-05 16:23

Johannesburg - UMengameli Jacob Zuma ubonge othisha ngendima abayidlalayo kwezemfundo nasekuthuthukiseni abantwana njengoba kubungazwa iWorld Teachers' Day ngoLwesihlanu.

"Othisha bethu basebenza ngokuzikhandla usuku nosuku, kwesinye isikhathi ngaphansi kwezimo ezinzima, basebenze amahora engeziwe, nangezimpelasonto, ukuqinisekisa ukuthi abantwana bethu bathola imiphumela emihle," kusho uZuma esitatimendeni.

"Imisebenzi yenu iyabonakala futhi inakiwe. Singuhulumeni siyakubona ukubhukula kwenu."

Ube esegqugquzela izingane ukuba zihloniphe zeseke othisha zikuqonde nokubaluleka komsebenzi wabo.

"Ukuphumelela kwabafundi bethu kulele ekuzinikeleni kothisha. Ngakho kubalulekile ukuthi othisha bangaphuthi esikoleni."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Sunny. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-16°C Morning clouds. Refreshingly cool.
Dbn: 9-22°C Broken clouds. Mild. PE: 9-18°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...