UZuma ubazi ngemali ezosetshenziswa - Umbiko

2012-11-23 12:05

Johannesburg - UMengameli uJacob Zuma ubazi kahle ukuthi yimalini yabakhokhi bentela esetshenziselwa ukulungisa umuzi wakhe eNkandla, umbiko ngoLwesihlanu.

Iphephandaba iMail&Guardian iveza ukuthi uZuma wacaciselwa kahle kusukela ngoNovemba 2010.

Lokhu kudale imibuzo ngokuphika kwakhe ePhalamende ngeledlule ngesikhathi ethi wayengenalo ulwazi kahle ngezinga lomsebenzi owenziwayo.

Emiqulwini, umsebenzi wokwakha eNkandla kubekiwe ukuthi imali eyayizofakwa uZuma yashoda ngohhafu wonke njengoba kwakumele akhokhe u-R20m kodwa kwaba ngu-R10m, ngesikhathi futhi izindleko zokwakha nazo zikhula.

Umqulu uphinde uveze ukuthi imali yabakhokhi bentela yakhokhela ukwakha imizi yabomndeni kaZuma hhayi ezokuphepha kwabo, njengoba kwakusho uMnyango wemiSebenzi koMphakathi.

Eminye imiqulu ibhalwe ukuthi “ayimfihlo”.

Izindleko zokwakha sezinyuke zisuka u-R111.3m ngo-2010 zafinyelela ku-R248m ngo- 2012, ngokusho kwemiqulu esezandleni ze-M&G.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Morning clouds. Cool. Pta: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 12-17°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...