UZuma akazixaki ngoMalema - Umbiko

2012-12-14 14:03

Johannesburg - UMengameli uJacob Zuma uthi akanaso isikhathi sokuzixaka ecabangana nomholi wophiko lwentsha owaxoshwa uJulius Malema.

Enkulumweni kaZuma nephephandaba iThe Guardian ubuzwe ngokukhuluma kukaMalema, amgxeke.

"Anginandaba kangako ngoba konke lokhu akwenzayo kumveza obala ukuthi ungumuntu onjani. Uma ethi uthanda inhlangano angeke enze ngendlela enza ngayo. Anginaso isikhathi sokuzixaka ngalezi zindaba zakhe," kuphendula uZuma.

Umengameli uthe ngeke aqagule noma sekuphelile yini ngekusasa likaMalema kwezombusazwe, uthi lokho kulele ekuziphatheni kwakhe.

UZuma ukubeke kwacaca ukuthi uMalema waxoshwa yi-ANC.

"Angeke ngathi kukhona akwenzela abantu, okuyimizamo yokuveza ukuthi ukuxoshwa akusiso isisombululo."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kuzonqunywa ngelizayo ngabe-EFF abamiswa

Emizuzwini eyi-13 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 17-31°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-32°C Sunny. Warm.
Dbn: 20-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 18-22°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...