UZuma akaqondise ungqongqoshe - Madonsela

2012-11-26 16:43

Johannesburg – UMengameli uJacob Zuma kumele acabange ngokujezisa uNgqongqoshe woMnyango wezamaHlathi nezoLimo uTina Joemat-Pettersson, ngokwephula kwakhe umthetho obekelwe izikhulu, kusho uMvikeli woomPhakathi uThuli Madonsela ngoMsombuluko

UMadonsela uthi umqondisi obambile eMnyangweni kumele aqinisekise ukuthi iyabuya imali engu-R150 000, eyasetshenziswa nguJoemat-Pettersson, egibelisa abantwana bakhe besuka eSweden beza kuleli.

Konke lokhu kwenzeka ngonyaka ka-2010 ngoJanuwari, ungqongqoshe wahambela eSweden ngokomsebenzi, ezosale esevakasha nomndeni wakhe.

Nokho kwaphoqeka ukuthi asheshe abuye ngesikhathi edingakala eHhovisa lika Mengameli.

“Imali yakhe yokugibela kanjalo neyokugibeza abantwana bakhe yakhokhwa nguMbuso. Lokhu kungukwephula umthetho ngaphansi kwesigaba-3.4 kuChapter 6 weMinisterial Handbook,”  kusho umbiko kaMadonsela.

UMvikeli woMphakathi uphinde waphenya ngokuthi ngabe ungqongqoshe wasebenzisa imali yoMbuso yini ngesikhathi ehlala emahhotela aphezulu, ngesikhathi esalindele ukufakwa endlwini yakhe kahulumeni eKapa nasePitoli.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 14-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...