UZuma akancintiswa eKZN

2012-11-26 08:32

Durban - UMengameli Jacob Zuma ukhethwe ngaphandle kokuncintiswa njengomholi weqembu i-African National Congress KwaZulu-Natal, ngesikhathi kuphakanyiswa amagama obuholi ngempelasonto.

Wonke amagatsha e-ANC aphakamise igama likaMsholozi njengozoqhubeka nokwengamela esobuholi kuthi uGwede Mantashe naye anganyakazizwa kwesikaNobhala Jikelele.

“Lezi yizona kuphela izikhala ezingaphikiswanga ezikhundleni eziyisithupha eziphezulu,” kusho uNobhala wesifundazwe uSihle Zikalala.

UBaleka Mbethe uthole amavoti amaningi ekubeni nguSihlalo kazwelonke kwathi uJessie Duarte wathola awokuba yiSekela likaNobhala.

UZweli Mkhize uvunwe kwesokuba nguMgcinimafa.

IKwaZulu-Natal inamagatsha alinganiselwa ku-824 e-ANC.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 5-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-27°C Sunny. Warm. PE: 10-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...