UZuma akamise esikhundleni uMaharaj - DA

2013-02-01 16:32

Johannesburg - UMengameli uJacob Zuma kumele amise esikhudleni umkhulumeli wakhe uMac Maharaj, kusho iDemocratic Alliance, ngemuva kokuqubuka kwezinsolo ezithi yena nonkosikazi wakhe bahlomula kwithenda yamalayisense okushayela.

"IPhalamende angeke lilokhu liqhubeka lisebenzisana nomuntu ekunezinto ezingaqondile ngaye nosolisayo," kusho umkhulumeli we-DA uMmusi Maimane.

UMaimane uthi uzobhalela uZuma, amcele amise u Maharaj, wathi uzocela noMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela ukuthi amphenye.

Izinsolo ngoMaharaj, zikhishwe yiphephandaba iMail & Guardian.

"Ukukhuluma kukaskwiza kaMaharaj kubeka obala ukuthi ikhona ngempela into eshiyo yilezi zinsolo. Konke lokhu kukhomba ukuthi abakwaMaharaj bahlomula enkampanini yezikhali iThales, eyagwazelwa nangusomabhizinisi uSchabir Shaik," kuqhuba uMaimane.

Iphephandaba libike lathi udadewabo kankosikazi kaMaharaj uShirene Carim, ulitshele ukuthi laba babebebeke izimali ebhange laseSwitzerland, okuyizimali ezazihlonyulwa emkhonyovini ophathelene nezincwadi zokushayela.
 



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Showers late. Afternoon clouds. Mild. Pta: 10-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-25°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...