UZille wacela uxhaso kwabakwaGupta - Umbiko

2013-01-28 14:06

Johannesburg - Umholi weDemocratic Alliance uHelen Zille, wamukela uxhaso lwemali emndenini weziqumama zwakwaGupta, kusho umbiko wephephandaba iWeekend Argus.

Umthombo ongadalulwanga utshele iphephandaba ukuthi uZille, wavakashela umndeni wakwaGupta, eSaxonwold, eGoli, wafike wacela uxhaso.

UZille kuthiwa wahamba esephethe isheke elabe linensavunsavu yemali, ecelwa yiphephandaba ukuthi aphawule ngalokhu uthe: "Le ndaba ayikho mayelana nokuthi abakwaGupta bayinikelela yini iDA, kodwa imayelana nokuthi ikhona yini imali yabakhokhi bentela eyakhishwa yi-DA iyikhiphela lo mndeni. Akaze-ke babongwe ngemali yabakhokhi bentela."

AbakwaGupta abaphumelanga obala ngalolu daba.

Umholi we-African National Congress, eWestern Cape uMarius Fransman, utshele iphephandaba iNew Age nephethwe ngumndeni wakwaGupta, wathi uZille uphumele obala ngokuthi ngubani oxhasa iqembu.

UFransman uthi umnikelo wakwaGupta wasiza ukulungisa amahhovisi e-DA, aseKapa.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 7-20°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...