UZille uzophawula ngomnikelo wakwaGupta

2013-01-30 12:03

Johannesburg - Umholi we-DA uHelen Zille uthi uzophendula ngokuhamba kosuku ngoLwesithathu ngombiko wephephandaba iThe New Age othi wayamukela azi kahle kamhlophe imali ukuthi iqhamuka kwabakwaGupta.

"I-DA izophendula ngokuhamba kwesikhathi ngoLwesithathu," kusho umkhulumeli wakhe uCameron Arendse.

Iphephandaba libike ukuthi uZille wathumelela u-Atul Gupta incwadi ngomhlaka-25 Meyi 2009, embonga ngokunikelela iqembu.

Kuze kube yimanje, uZille ushaya phansi ngonyawo uthi ngeke alikhiphe igama lalowo owabanikelela ngemali, njengoba ethi banesivumelwano abasenza sokuthi lokhu kugcinwe kuyimfihlo.

Kwanalo leli phephandaba alinaso isiqinisekiso sokuthi le mali yayiphuma ku-Atul, yize incwadi yokubonga yayibhekiswe kuye.

NgoLwesibili, uZille uthe le mali bayinikelelwa ngelinye lamalungu eliyisikhulu enkampanini yakwaGupta.

Wonke lo msindo ususwe ukuthi uZille ehoxe enkulumweni yasekuseni eyabe ihlelwe yiphephandaba, ngoba ethi kubhubhudlwa imali yabakhokhi bentela.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kugqekezwe emzini kaKrejcir

2014-08-20 18:16
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-16°C Rain showers. Mostly cloudy. Cool. Pta: 12-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 9-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 8-19°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 18-22°C Showers early. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...