UZille ufuna kuthunyewe amasosha emaphandleni
2012-11-28 16:21
Cape Town - UNgqongqoshe wezokuVikela uNosiviwe Mapisa-Nqakula kumele athumele amasosha emaphandleni aseWestern Cape, kuze kuzonqandwa udlame lwabasebenzi basemapulazini, kusho uNdunankulu wesifundazwe uHelen Zille.
Ukusho kukaZille kuza ngemuva kwenkulumo kaNgqongqoshe wezabaSebenzi uMildred Oliphant omememzele ukuthi kuzoshaya umhlaka-4 Disemba kungafinyelelwanga esinqumweni ngodaba okuthinta basebenzi basemapulazini.
Izinxushunxushu zasemapulazini aseWestern Cape ziholele ekutheni udlame lukapakele emadolobheni angu-16, abantu ababili bashona kwalinyazwa nempahla.
Umbhikisho waqala epulazini lamagilebhisi eDe Doorns, ngesikhathi abasebenzi befuna ukwenyuselwa amaholo banikwe u-R150 ngosuku, esuka ku-R69 no-R75 ngosuku.
Abasebenzi bavuma ukumisa umbhikisho ngaphansi kwesivumelwano sokuthi kuzothi kushaya umhlaka-4 Disemba kube sekukhona okusha uMnyango ozoqhamuka nakho.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).