UZille ucele kuthunyelwe amasosha eDe Doorns
2012-11-14 14:01
Cape Town - UNdunankulu waseWestern Cape uHelen Zille usecele ukuthi kuthunyelwe amasosha epulazini iHex River Valley, njengoba kuqhubeka umbhikisho onodlame, oqhutshwa ngabasebenzi basemapulazini.
"Kade ngixhumana nokhomishana wamaphoyisa esifundazweni, ngicela ukuthi kuthunyelwe amasosha," kusho umlayezo kaZille kuTwitter.
Ababhikishi bashise amathayi emgwaqeni, ngasemikhukhwini yaseDe Doorns, kuphinde kwavalwa nebhuloho iStofland.
Ababhikishi kuthiwa bawashaya indiva amaphoyisa atshalwe kule ndawo, bathi bafuna kuphela ukwenyuselwa amaholo abo asuke ku-R69 ngosuku, afinyelele ku-R150.
Umbhikisho usudonse isikhathi esiyisonto.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA