UZille nesikhalazo esisha
2012-12-07 14:41
Cape Town - UNdunankulu waseWestern Cape uHelen Zille usefake isikhalazo ngakubiza ngokungaziphath kahle, athikwenziwe ngesinye sezikhulu zamaphoyisa kuzwelonke, athi sizame ukuhlohla amalungu e-African National Congress esifundazweni.
UZille uthi isikhulu sizame ukuhlohla amalungu ukuthi aphikise ukuphasiswa komqulu iWestern Cape Community Safety Bill, umqulu kuhloswe ngawo ukunika isifundazwe amandla amaningi ngaphezu kwamaphoyisa, kuze kuzobhekanwa nezinkinga.
Undunankulu uthi ulunywe indlebe ngomlayezo othunyelwe nge-email, uthunyelwa nguJenni
Irish-Qhobosheane, oyisikhulu emaphoyiseni.
Isikhalazo sesidluliselwe nguNgqongqoshe wamaPhoyisa uNathi Mthethwa.
Umkhulumeli kangqongqoshe uZweli Mnisi, uthi sebesamukele isikhalazo sikaZille.
“Maqabane, i-DA, eWestern
Cape iphezu kwezinhlelo zokuzama ukuphatha umbutho wamaphoyisa, bese okhomishana nezifundazwe bebika konke ebhodini yamaphoyisa," kusho i-email kaQhoboshiyane.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24