UZille akaxhumane nongqongqoshe - Zuma

2012-11-15 14:03

Cape Town - UNdunakulu waseWestern Cape uHelen Zille kumele axhumane nongqongqoshe ezingeni likazwelonke, uma efuna usizo ngodaba oluthinta abasebenzi basemapulazini, kusho uMengameli uJacob Zuma, ngoLwesine.

"Sifuna ukukubeka kucace ukuthi undunankulu unalo lonke ilungelo lokuxhumana nongqongqoshe bakazwelonke, kulungiswe udaba lwabasebenzi basemapulazini, unalo nelungelo lokuxhumana nezikhulu zakwaSA Police Services," kusho umkhulumeli kaZuma uMac Maharaj.

"Undunankulu kumele asebenzisane nozakwabo, alandele izinhlaka ezifanele kuze ezothola usizo aludingayo."

UZille ubhalele uZuma incwadi emcela ukuthi angenelele odabeni oluthinta umbhikisho wabasebenzi basemapulazini oqhubeka eDe Doorns.

"Isimo esingesihle esiqhubeka eWestern Cape sizochaphazela iNingizimu Afrika yonke uma singanqandwa ngokushesha," kusho incwadi kaZille.

UZille ucele uZuma noNgqongqoshe wezabaSebenzi uMildred Oliphant, wathi abazame ukulungisa isimo.

Abasebenzi basepulazini lamagilebhisi bangena esitelekeni samaholo, isiteleka sidonse isikhathi esiyisonto, bebefuna ukwenyuselwa amaholo afike ku-R150 ngosuku.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C Sunny. Mild. Pta: 10-26°C Rain late. Partly cloudy. Warm.
Jhb: 7-20°C Numerous showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 1-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...