UZille 'akanamsoco' - ANC e-E Cape
2012-12-20 08:41
Ukuphawula komholi weDA uHelen Zille ngokukhethelwa esikhundleni futhi kukaMengameli Jacob Zuma ukuhola i-ANC akusikhathazi nakancane, kusho i-ANC e-Eastern Cape.
"Noma ngabe ubani obone ngephutha isitatimende sakhe asikhiphe ngemuva kokuqokwa kobuholi obuphezulu ku-ANC, uzovumelana nami ukuthi lesi sitatimende siwumbhedo nje," kusho okhulumela inhlangano uMlibo Qoboshiyane.
Uthe kungcono nokuphawula kwesidakwa kunokukaZille.
Lokhu kungeminye yemizamo yakhe esiphelelwe ngumsoco yokuhlasela i-ANC.
uZille wathi ukukhethwa kukaZuma kusho ukufa kwe-ANC, ngoba bahlangene ngenkohlakalo kule nhlangano.
UQoboshiyane uthe uZuma akaze atholwe enecala lenkohlakalo enkantolo.
"Ukwenza izinsolo ngalokhu kutshengisa ukungahloniphi," esho.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA