UXingwana uxolisile ngokuphawula kwakhe
2013-02-28 08:15
Johannesburg - UNgqongqoshe wezabesiFazane, iziNgane kanye nabantu abaphila nokuKhubazeka, uLulu Xingwana ngoLwesithathu uxolisile ngokuphawula kwakhe ngabesilisa bamabhunu.
“Sekuyangicacela ukuthi ukuphawula kwami kungenzeka ukuba akwehlanga kahle kwamanye amalungu omphakathi. Ngithanda ukuwahoxisa, ngiyaxokisa kakhulu," kusho yena.
UXingwana utshele i-Australian Broadcasting Corporation ukuthi abesilisa abasakhula bamabhunu bakholelwa ukuthi baphethe abesifazane nezingane.
“Abesilisa bamabhunu abakhuliswe engaphansi kwenkolo yeCalvinist bakholelwa ukuthi baphethe abesifazane kanye nezingane ngakho ngaleyo ndlela bangayithatha impilo yabo ngoba bangababo," usho kanje ngesikhathi exoxa nesiteshi sikamabonakude ngoMsombuluko.
“Nathi sinakho ukungaboni ngasolinye emiphakathi mayelana nosiko lwethu njengoba sinabesifazane abaphoqwayo ukuba bashade kodwa lolo daba siyalulungisa."
UXingwana ubebuzwa imibuzo kulandela ukuboshwa kuka-Oscar Pistorius ngemuva kokudubula abulale intombi yakhe uReeva Steenkamp ngoFebhuwari 14.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA