UXingwana usamukele isigwebo sikaKubheka

2012-09-06 14:05

Johannesburg - UNgqongqoshe wezabesiFazane uLulu Xingwana ngoLwesine usamukele isigwebo sodilikajele ababili esinikwe owesilisa waseMpumulanga otholwe enecala lokubulala nokudlwengula ugogo wakhe.

"Kade sasinxusa izinkanto ukuba zinike isigwebo esinzima labo abatholwa benecala lokuhlukumeza izingane nabesifazane,” kusho uXingwana esitatimendeni.

"Lesi sigwebo sizogqugquzela ukulwisana nodlame olubhekiswe kwabesifazane nasezinganeni."

USipho Oupa Kubeka, 39, ugwetshwe odilikajele ngoLwesithathu yiNkantolo eNkulu yasePitoli ngokuhlasela ugogo wakhe, 92, uKonzaphi Elizabeth Kubeka ekhaya lakhe elingaseBuhlebuzile, KwaMhlanga, ngoSepthemba ngonyaka odlule.

Walivuma icala lokubulala nelokudlwengula, ube esegwetshwa ngoLwesithathu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Zimkhalele oqonywe yintombazane ena-13

Emizuzwini eyi-47 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-18°C Sunny. Mild. Bloem: 5-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Warm. PE: 10-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...