UXingwana uchitha isigwebo sentambo
2013-02-13 10:02
Bredasdorp - UNgqongqoshe woMnyango wezabesiFazane, iziNgane kanjalo nabaphila nokuKhubazeka, uLulu Xongwana, uthi kumele kuqalwe izinkantolo ezizobhekana ngqo namacala okuhlukumeza izingane nabantu besifazane.
Ungqongqoshe usho kanjena ekhuluma eNkantolo yeMantshi yaseBredasdorp, ngoLwesibili, ngesikhathi kuvela ngaphambi kwenkantolo abasolwa ecaleni lokudlwengulwa nokubulawa ngesihluku kuka-Anene Booysen, 17.
UXingwana ukuchithile ukubuyiswa kwesigwebo sentambo, abantu abaningi abakhale ngokuthi kumele sibuyiswe, sitholwe ngabahlukumezi nababulali.
“Isigwebo sentambo siphambene nezimiso zethu ngamalungelo abantu, kumele izinkantolo ziqinisekise ukuthi izephulamthetho zithola isigwebo esizifanele."
Ungqonqgoshe uqhubeke wathi kumele iphikiswe ibheyili kubahlukumezi.
"Kuyangixaka nje ukuthi bazifihla ubuso. Yini ngempela abayicashelayo."
UXingwana ucele uhulumeni ukuthi afake imali eningana ukuqinisa ukusebenza kwamaphoyisa kanjalo nasekutheni kuqalwe izinkantolo ezizobhekana namacala okuhlukumeza abantu besifazane nezingane.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA