UVavi uyihlongandlebe - Manana

2012-12-13 10:03

Johannesburg - ISekela likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uMduduzi Manana usechaze uNobhala Jikelele weCosatu uZwelinzima Vavi "njengehlongandlebe", ngokusho kombiko ngoLwesine.

UManana usole uVavi ngokufuna ukusebenzisa iNational Anti-Corruption Forum ukuqala iqembu elisha, kubika iphephandaba iThe New Age.

"Yebo kuvumelekile ukuthi amadlelandawonye aphambane ngemibono, kodwa angamelani. Ukuziphatha kukaVavi nezenzo kakhe kutshengisa ukuthi usezinhlelweni zokuqala elakhe iqembu,” kusho uManana.

UVavi kuleli sonto uqokelwe kwesikaSihlalo weNational Anti-Corruption Forum.

UManana ucele i-African National Congress ukuba ilwisane nokuziphatha kukaVavi uma sekubanjwe inkomfa yokuqokwa kobuholi eMangaung.

Okhulumela iCongress of SA Trade Unions uPatrick Craven uziphikile izinsolo zikaManana ngoVavi.

"Alikho nelincane iqiniso kulokhu okushiwo nguManana."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

I-ANC ichayise i-DA kolukaZuma neNkandla

Emizuzwini eyi-16 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 16-30°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-26°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...