UVavi ukhonjwa enkohlakalweni

2013-02-28 08:30

Johannesburg - ICongress of South African Trade Unions (Cosatu) inqabile ukuphawula ngezinsolo zokuthi uNobhala Jikelele wayo uZwelinzima Vavi uyathinteka ekukhwabaniseni.

“Ngeke ngikwazi ukuphendula into eniyithathe kumuntu ongenalo igama. Sinomgomo oqinile wokuthi asiphawuli ezindabeni ezifuze lezi," kusho okhulumela iCosatu uPatrick Craven.

Ubephendula mayelana nombiko weMail & Guardian othi uVavi uzophenywa njengoba ebandakanyeka ezinsolweni eziningi, ezibandakanya nokungayiphathi ngendlela imali, mayelana nebhilidi elisha leCosatu eliseBraamfontein, eGoli.

UCraven uthe lokhu kuzokhulunywa ngakho esithangamini sabezindaba ngoLwesine.

Lo mbiko ubalula nokuthi uVavi usebenzisana namaqembu aphikisayo, okubalwa ne-Agang kaMamphela Ramphele, nezinyunyana eziyizimbangi zeCosatu, ukuhlakaza uhulumeni we-ANC.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 17-31°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-32°C Sunny. Warm.
Dbn: 20-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 18-22°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...