UVavi ugxeke inkohlakalo kuhulumeni

2011-07-12 11:56

Durban - UZwelinzima Vavi uxwayise ngokweseka abantu ababhekene namacala enkohlakalo, lokhu kulandela ukuthi ezwe ngokuthi kungase kuboshwe izikhulu zikahulumeni eKZN, kubika isiteshi somsakazo i-East Coast Radio.

Uphiko oluphenya ngamacala omphakathi iNational Prosecuting Authority ikhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kukaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho uMike Mabuyakhulu noSomlomo weSishayamthetho uPeggy Nkonyeni ngesonto eledlule.

Kuthiwa babhekene namacala enkohlakalo abandakanya ithenda likahulumeni lika-R45 million.
 
Yize uVavi engawafakanga amagama kaNkonyeni noMabuyakhulu enkulumweni yakhe, utshele amalungu eSadtu eThekwini ukuthi abantu abatholakala benamacala enkohlakalo akumele bahudulele igama le-ANC kulolo bishi.

Uthe kumele bazitholele abammeli babo.

"Angisophinde ngeseke muntu enkantolo obhekene namacala enkohlakalo nokukhwabanisa," esho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Partly cloudy. Mild. Pta: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C Showers early. More sun than clouds. Cool. PE: 13-19°C Showery. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...