UTutu ugxeke iNkandla

2012-12-12 08:31

Johannesburg - U-Archbishop Emeritus Desmond Tutu usegxeke ukulungiswa komuzi kaMengameli Jacob Zuma oseNkandla, wathi lokhu kusibuyisela emuva njengezwe, kusho umbiko ngoLwesithathu.

"Ngubani osile kahle ekhanda ongaphasisa ukulungiswa komuzi ngemali engaphezu kuka-R200 million? Kuphinde kwenziwe kuleya ndawo, kube ngumuzi wakhe kuphela oqhakazile abanye abantu bebhuqwa yindlala," kusho uTutu.

Iphephandaba iThe Star libike ukuthi uTutu ubekhuluma ngesikhathi kunomcimbi wokuhlonipha uKader Asmal ngebhentshi eKirstenbosch National Botanical Gardens ngoMgqibelo.

Utshele lowo onguNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uTrevor Manuel, nobehambele lo mcimbi ukuthi: "Anifanele ukuba kulo hulumeni."

UTutu uzwakalise ukukhathazeka ngezinga lemfundo, ukuhluleka ukuhambisa izincwadi zokufunda kusenesikhathi kanjalo nemiphumela yeNational Assessments, netshengisa ukungenzi kahle kwabafundi ezibalweni.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-26°C Rain early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-27°C a few showers. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-20°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...