'USteenkamp ushonele endlini yangasese'

2013-02-15 10:01

Johannesburg - Isehlakalo sokudubula esenzeke ngosuku lwezithandani emzini womsubathi u-Oscar Pistorius, yilona daba oluhamba phambili emaphephandabeni ngoLwesihlanu, ludlula ngisho lolo lokuvulwa kwePhalamende.

Kuphezulu kakhulu ukuqagela ngalokho okwenzekile esehlakalweni sokudutshulwa kukanobuhle uReeva Steenkamp, ekukholakala ukuthi udutshulwe yisoka lakhe uPistorius.

Iphephandaba iBeeld libhale ngalolu daba ekhasini lonke lokuqala, ngaphansi kwesihloko esithi: "Dood agter deur (ushonele ngemuva kwesicabha sasethoyilethe)".

Umbiko uthi uSteenkamp udutshulwe amahlandla amane, umdubuli engasemnyango wasethoyilethe.

Iphephandaba lithi amaphoyisa abizelwe endaweni yesehlakalo, emahoreni amabili ngaphambi kokuthi kube nokudubula, ngesikhathi omakhelwane bekhala ngomsindo bezwa umufi ehilizisana nesoka lakhe.

Amaphoyisa aphinde abizwa ngezithuba zawo-03:00, ngesikhathi kuzwakala ukuqhuma kwesibhamu, kusho umthomno ongadalulwanaga, ohlala endaweni yabandla izambane likapondo eSilver Woods.

Umthombo lona uthi isidumbu sitholakale ethoyilethe, uSteenkamp udutshulwe ekhanda, isesifubeni, isinyeni nasesandleni.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 1-9°C Sunny. Cool. Bloem: -1-11°C Morning clouds. Cool.
Dbn: 11-19°C Passing showers. More clouds than sun. Refreshingly cool. PE: 9-14°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...