USisulu ukhwele wadilika kowe-DA ePhalamende

2012-11-14 12:02

Johannesburg - UNgqongqoshe wezemiSebenzi kaHulumeni uLindiwe Sisulu utshele ilungu lePhalamende eqenjini leDemocratic Alliance uDavid Maynier, wathi akahlalise phansi umzimba wakhe ogcwele amazenze, ngesikhathi emsola ngokuxhaphaza izinsiza zomphakathi, kubika iphephandaba iBusiness Day.

UMaynier uveze ukuthi uSisulu usebenzisa amabhanoyi aphambili, ngesikhathi enguNgqongqoshe woMnyango wezokuVikela.

"Ngiyacabanga nje ukuthi uNgqongqoshe uLindiwe Sisulu uyabukhumbula ubutsetse bamabhanoyi akwaGulfstream, ayewasebenzisa esaseMnyangweni wezokuVikela," kucashunwa uMaynier.

UNgqongqoshe woMnyango wezokuVikela ophethe njengamanje uNosiviwe Mapisa-Nqakula wakwazisa ePhalamende ukuthi uSisulu wasebenzisa izindiza zakwaGulfstream, izikhathi ezevile ku-200, ehambela ePitoli naseKapa, lokhu kwadla imali elinganiselwa ku-R200 000.

UMaynier uthe: "Ungqongqoshe uthi kwasetshenziswa izindiza izikhathi ezingu-203, kodwa owabe engungqongqoshe uthi wasebenzisa izindiza izikhathi ezingu-35 kuphela,"

Lokhu kuthiwa yikho okunyuse "ushukela" kaSisulu, wase etshela uMaynier ukuthi izinsolo zakhe azinasisikelo futhi azinangqondo, wathi akahlale phansi, elokhu esho ngomzimba ogcwele amazenze.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Sunny. Cool. Pta: 17-30°C a few showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 15-24°C a few showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 17-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 17-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...