USifiso Zulu uyiswe ejele lasemaphandleni

2012-05-30 12:02
Yabelani Shicilela

Durban - Usomabhizinisi oboshiwe uSifiso Zulu udluliselwe ejele elisemaphandleni ngaphandle kwaseMgungundlovu esuka eWestville, nokucike kakhulu ummeli wakhe, ochaze lokhu "njengokungajwayelekile nokuphambana noMthethosisekelo", kubika iDaily News.

Ummeli kaZulu, uLonwabo Dandala, ukuqinisekisile ukuthi uZulu uhanjiswe kuleli jele ngoLwesihlanu wathi kubukeka sengathi lokhu kwenziwe abantu abazama ngazo zonke izindlela ukusokolisa ikhasimende lakhe.

Umthombo wangaphakathi ejele uthe uZulu ubedonsa kakhulu amehlo abezindaba kulandela ukuboshelwa kwakhe eWestville – kubikwa nanokuthi ubevakashelwa nasebusuku ngoba kufumbathiswe ojele imali.

Lo mthombo uthe ijele iSevontein lisemakhaya lapho iziboshwa zitshala khona imifino zilusa nezilwane ukuhlinzeka ezinye izifundazwe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Sunny. Mild. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 17-24°C Rain late. Morning clouds. Mild. PE: 12-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...