USifiso Zulu uyaphuma ejele

2013-02-18 16:37
Yabelani Shicilela

Durban - Enkulumweni abe nayo nephephandaba iDaily News ngesonto eledlule – nobekungokokuqala ngqa kusukela aboshwa ngoMeyi nyakenye – uSifiso Zulu uchaze unyaka odlule njengomkhathaze kakhulu emoyeni nasemqondweni.

Kodwa, ngemuva kokuvuma ekhala izinyembezi ukuthi wabulala abantu ababili ngesikhathi eshayela edle amanzi amponjwana, uZulu uthe uzwa sengathi kusuke umthwalo omkhulu emahlombe akhe.

Wakuvula lokhu ohlelweni loMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo KwaZulu-Natal, lapho isiboshwa sinikwa ithuba lokukhuluma nezisulu, ngoDisemba 2011.

Eminyakeni emihlanu eyedlule, uZulu wayeshayela iBMW X5 wajomba irobhothi elibomvu eThekwini nokwadala ukuthi ashayise iveni eyayithwele abazalwane abangu-12 beSoul’s Harbour Ministries Church, kwashona ababili.

Kwashona abafundi uSdumisile Mncube noHlengiwe Dlamini, kule ngozi.

UDudu Ngema, nowayengomunye wabagibeli kule veni, wasala ekhubazekile.

Ngesikhathi kuqhubeka icala, uZulu wawaphika amacala ayebekwe wona.

Ube esephawula ngokuthi ijele akuyona indawo yokuhlala abantu, wanxusa intsha ukuba ingenzi izinto ezizoyenza igcine isizithola iboshwe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 8-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...