UShrien Dewani ungeniswe esibhedlela
2013-02-14 10:05
London - Owesilisa waseBrithani osolwa ngokuqasha inkabi ukuba ibulale unkosikazi wakhe kuleli beseholidini ngemuva komshado, ungene esibhedlela ngemuva kokukhala ngezinhlungu esifubeni.
Umndeni kaShrien Dewani, 32, uthe "isimo sempilo kuyena sishintshe kakhulu".
Umndeni uthi ukuhlolwa ngoLwesithathu kuveze ukuthi amaphilisi awaphuzayo, ahambelana nokwelashwa kwakhe ngokwezengqondo, awahambisananga naye.
UDewani usolwa ngokuhlela isigameko sokubulawa kukankosikazi wakhe u-Anni, 28.
Watholakala eshonile eGugulethu, eKapa ngoNovemba 2010.
NgoMashi, inkantolo yaseBrithani yamisa isicelo sokuba umsolwa ayiswe eNingizimu Afrika ngenxa yokuthi akaphilile kahle ngokomqondo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP