UShiceka wone azi - Madonsela

2011-10-14 12:19

Cape Town - UMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela uthole uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana uSicelo Shiceka enecala lokuxhaphaza imali yabakhokhintela.

Ube esecela uMengameli Jacob Zuma ukuthi "amthathele izinyathelo ezinqala".

UMadonsela uthe uShiceka wanqamba amanga ngamabomu kumengameli ngohambo lwakhe olwaluya eSwitzerland ngo-2008 ngenxa yokuthi lwalungaphathelene nomsebenzi, kodwa wahamba kabili eyovakashela intombi yakhe esejele.

"Izenzo zakhe zaphambana kakhulu nomthetho zatshengisa ukungathembeki ngasemalini yabakhokhintela."

Lo mbiko kaMadonsela ukhishwe ngoLwesihlanu ePhalamende.

Lolu hambo lwabiza abakhokhintela imali engango-R546 864.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 17-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-28°C Showers early. More sun than clouds. Warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...