UShaik uyiphikile imibiko

2012-01-23 14:14

Durban - Owatholakala enecala lokukhwabanisa uSchabir Shaik useziqhelelanisile nombiko wephepha langeSonto lapho acashunwe khona ethi ufuna uMengameli uJacob Zuma akhokhe uR2m awuboleka.
 
ISunday Independent iphinde yathi uShaik ufuna uZuma axolise.
 
"Ngiyaziqhelelanisa nalemibiko, ayikho lento," kusho uShaik kwabephephandaba iThe Times.
 
"Angikwazi ukusabisa umuntu, ngingamphathi-ke uMengameli – engimhlonipha kakhulu – umuntu ongamukela nanomayikuphi ukuxolisa," ucashunwe kanjena.
 
"Lento ayenzimqondo. Uma kwakukhona engangifuna ukukusho ngangizokusho kusaqulwa icala."
 
ISunday Independent ibike ukuthi uShaik akakakhokhelwa uR2m awubolekwe uZuma.
 
Inkantolo enkulu yokudluliswa kwamacala ngenyanga ezayo izokwenza isinqumo ngesicelo seDA sokuphikisana nesinqumo esathathwa yiNational Prosecuting Authority sokuhoxisa amacala kaZuma ngo-2009 okukhwabanisa nenkohlakalo.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C Sunny. Mild. Pta: 3-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 0-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -1-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-19°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-17°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...