USexwale uyaziqhathulula ezinsolweni zikankosikazi

2013-02-13 12:01

Johannesburg – UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uTokyo Sexwale uyakuphika lokho okushiwo unkosikazi wakhe emaphepheni awafake eNkantolo eNkulu eSouth Gauteng, okungukuthi wayemhlukumeza ngokumshaya.

Unkosikazi kangqongqoshe usola umyeni wakhe ngokumhlukumeza ngokumshaya, ngokomphefumulo, nangokwengqondo esitatimendeni esifungelwe esinikwe inkantolo kanye nencwadi yesehlukaniso, kubike iBeeld.

Ngokomthetho waseNingizimu Afrika, abantu abasezinhlelweni zokwehlukanisa abavumelekile ukudalula imininingwane yecala.

Kodwa uSexwale ucele ummeli wakhe, uBilly Gundelfinger, ukuba adalule udaba lokwehlukanisa kwabo emphakathini.

“USexwale uziphikile izinsolo asolwa ngazo wathi udoti lowo,” kusho uGundelfinger.

“Futhi akulona iqiniso ukuthi akanayo imali nokuthi usehlala efulethini elincane..”

Ummeli kaJudy Sexwale uthe uJudy umile kwelokuthi umyeni wakhe ubemhlukumeza nakuba yena ekuphika lokho.

Ungqongqoshe wathola amaphepha ngonyaka odlule esehlukaniso, lapho unkosikazi wakhe efuna indlu ka-R70m, imoto ka-R1m njalo ngemuva kweminyaka emihlanu kanye no-R50 000 wesondlo sengane ngayinye ezinganeni zabo ezimbili.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 7-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-23°C Partly cloudy. Mild. PE: 9-19°C Showery. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...