USexwale kuthiwa akangenelele kolwaseLenasia

2012-11-22 14:03

Johannesburg - IKhabhinethi seliyalele uNgqongqoshe woMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu uTokyo Sexwale lathi akasebenzisane nohulumeni waseGauteng kulungiswe udaba lwabahlali baseLenasia.

"IKhabhinethi liyalele ungqongqoshe ukuthi akasebenzisane nohulumeni waseGauteng," kusho uNgqongqoshe wabesiFazane, iziNgane naBantu abaphila nokuKhubazeka uLulu Xingwana.

"IKhabhinethi lizwelana kakhulu nabantu ababhidlizelwe izindlu zabo balahlekelwa yizimali zabo, linqume ukuthi ungqongqoshe angenelele kuqinisekiswe ukuthi konke okuzokwenzeka kusukela manje kuyahambisana nomthetho."

Uhulumeni waseGauteng waqala uhlelo lokubhidliza izindlu zabahlali baseLenasia, ekuthiwa bazakha emhlabeni owathengiswa ngokungemthetho.

Zilanganiselwa ku-50 izindlu ezibhidliziwe, uhulumeni uhlela ukubhidliza ezinye ezingu-113.

Abahlali bathi umhlaba abakhe kuwo bawuthenga ngemali esukela ku-R2500 iya ku-R95 000, laba banikezwa amatayitela omgunyathi.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C High level clouds. Warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...