USensai uvume awokupotoza abafundi - NPA
2012-11-19 14:01
Johannesburg - Umqeqeshi ka-karate usezivumele yena ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yase-Alexandra, amacala ayishumi okunukubeza abafundi bakhe ngokocansi, kusho abeNational
Prosecuting Authority, ngoMsombuluko.
Okhulumela iNPA, eGauteng uPhindile Louw, uthe lo mqeqeshi uvume amacala, wathi kulindelwe ukuthi inkantolo inqume usuku lokukhishwa kwesigwebo.
"Umsolwa uvume amacala angu-10 okunukubeza ngokocansi, kuzolalelwa isicelo sokwehliselwa isigwebo," kusho uLouw.
Lo kuthiwa wayepotoza abafundi bakhe abangu-11, omunye wesifazane uthe umqeqeshi wamdlwengula esakhula.
Omncane kunabo bonke abahlukunyezwa, uneminyaka eyisishiyagalombili ubudala.
Indoda lena isiqeqeshe u-karate iminyaka engu-43, yaboshwa ngonyaka owedlule ngesikhathi abafundi abane bemvulela icala esiteshini samaphoyisa eDouglasdale.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA