UReeva wayezifela ngo-Oscar

2013-02-22 10:04

Pretoria - Ezinsukwini eziyisikhombisa ngaphambi kokuthi adutshulwe abulawe, uReeva Steenkamp wayengawuvali umlomo ngenhlonipho nothando analo ngo-Oscar Pistorius, ekusolakala ukuthi nguye ombulele.

Unobuhle wakhuluma nabezindaba zephephabhuku iHeat, echaza ngothando lwakhe, kusho umbiko weTimes Live.

Izithandani lezi kuthiwa zaqala ukuthandana ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, uReeva wadutshulwa wabulawa ngosuku lwezithandani esemzini wesoka lakhe.

Ngemuva kwesehlakalo, kwaboshwa uPistorius, okumanje uzama ukurthola ibheyili enkantolo.

USteenkamp watshela iphephandaba ukuthi uyamhlonipha futhi uyamthanda uPistorius, wathi akathandi ukukhuluma ngobudlelwano babo kwabezindaba.

"Osaziwayo abaningi izindaba zabo zezothando zigcwala amaphephandaba, kugcina kusanhlekisa lokho noma umbukiso.
Mina no-Oscar asinjalo," becaphuma uReeva.

"UReeva wayesaba ukuthi abezindaba bazofaka ubudlelwano babo engcupheni," kusho umhleli weHeat, u-Andre Neveling.

USteenkamp wacashunwa ethi: "Angifuni lutho oluzophazamisa umsebenzi ka-Oscar wokugijima. Unekhono elibabazekayo, angifuni siphazanyiswe ngamanga."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Sunny. Cool. Pta: 17-30°C a few showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 15-24°C a few showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 17-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 17-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...