URamphele uzongenela ukhetho luka-2014
2013-02-18 16:37
Johannesburg - Umbhali, isishoshovu nophinde abe ngusomabhizinisi uMamphela Ramphele
uzimisele ngokusebenzisa "isisekelo seqembu lezombusazwe" ukungenela ukhetho lukazwelonke ngo-2014.
"Engizokwenza ukuthi ngikhulume nabo bonke abantu bakuleli ngoba nabo bayadinga ukunakwa," kusho uRamphele etshela izintatheli eGoli ngoMsombuluko.
"Sikubiza ngesisekelo sezombusazwe ngenxa yokuthi sisasemazingeni aphansi."
Uthe wonke umuntu waseNingizimu Afrika unelungelo lokuphonsa itshe esivivaneni kulesi sisekelo sezombusazwe, i-Agang SA.
"Inhloso yethu ukuhambela zonke izindawo ezihlala abantu bakuleli ngezigaba zabo ngenxa yokuthi izwe ngelethu sonke," kuqhuba uRamphele.
Uthe i-Agang SA izoletha okuthe xaxa kwezombusazwe, iphinde ingenele nokhetho, ngemizamo yokulwisana nenkohlakalo nokuthuthukisa izinga lezempfundo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA