URamphele uthi i-ANC iphendula abavoti izingane

2012-11-14 12:02

Johannesburg - Owabe eyisishoshovu sobandlululo uMamphela Ramphele uthi i-African National Congress yenza abavoti izingane, kubika iphephandaba iThe Times, ngoLwesithathu.

"Uma sekuyisikhathi sokhetho, bazobe sebecela ukuthi kuvotelwe iqembu likaMandela, uzwe bethi votela iqembu elazabalaza bakutshele ukuthi ungavoteli iDemocratic Alliance ngoba izobuyisa ubandlululo," ecashunwa yiphephandaba.

"Lokhu kungukwenza abantu izingane, ngenhlanhla sesiyazi, sazi kahle ukuthi angeke lubuye ubandlululo. Uma uhluphekile futhi ungafundile uyangabaza, uzibuze ukuthi lokho kungenzeka yini."

URamphele onguSihlalo kwaGold Fields, usho kanjena ekhuluma e-University of Cape Town, eSchool of Business, ngoLwesibili, ekhuluma ngaphansi kwesihloko esithi "Marikana Fallout".

Umbiko wephephandaba uthi uRamphele ukhulume ngodaba oluthinta izimayini kanye nalolo oluthinta isiteleka epulazini lamagilebhisi eWestern Cape, waphinde wakhuluma ngendima yezinyunyana zabasebenzi.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Akukho mali ezokhokhwa wuZuma - ANC

Emizuzwini eyi-36 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Mostly sunny. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-20°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Showers late. Morning clouds. Cool. PE: 12-19°C Rain showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...