URamphele uqhakambise elobuntu

2013-02-18 12:03
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Uyilande emuva ezingqalabuthweni ezinjengoNelson Mandela, ekhuluma ngentando yeningi, washo nokuthi uhulumeni wesikhathi udlale kanjani ngabantu bezwe.

Lawa ngamazwi kaDkt Mamphele Ramphele abewasho ngesikhathi ethula ngokusemthethweni iqembu elisha lezombusazwe ngoMsombuluko.

Lo mbhali, isihoshovu nophinde abe ngusomabhizinisi wendlale "isisekelo seqembu lezombusazwe".

"Namhlanje ngimemezela ukuthi ngisebenzisana nabantu bakuleli ukwakha isisekelo seqembu lezombusazwe nokuzobheka ekuvuseleleni ithemba lokuthi kwakhiwe izwe esingalithanda sonke sisaphila," esho ngesikhathi ethula inkulumo.

Enkulumweni ebithunyelwe, nebekulindeleke ukuba ayethule uthe: "Sethula lolu hlelo ngaphansi kwegama i-Agang, igama elichaza ukuthi "Akhani", ngesiNguni."

Ube eseqinisa kwelokhu kumele kubuye umoya wobuntu.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Showers early. More sun than clouds. Cool. Pta: 3-17°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-14°C Sunny. Cool. Bloem: 1-15°C Sunny. Cool.
Dbn: 9-25°C Sunny. Mild. PE: 12-20°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...