URamaphosa akawuvali umlomo ngoZuma

2013-01-11 07:16

Pietermaritzburg - UMengameli we-African National Congress, uJacob Zuma, “uyindoda eyenza izinto zenzeke” futhi ezohola iNingizimu Afrika iyiyise empumelelweni, kusho iPhini lakhe uCyril Ramaphosa.

"Siphelile isikhathi sokukhuluma, sifuna ukubona umsebenzi uqhubeka. Sifuna umsebenzi futhi indoda yangempela uJacob Zuma, uzokuqinisekisa lokho,” kusaqhuba uRamaphosa etshela amalungu ka-ANC akade ehlangene emhlanganweni e-Edendale, eMgungundlovu.

Enkulumweni yakhe uthe i-ANC isebenze kahle, wathi izinto ezifana nokudalwa kwamathuba omsebenzi nokuhanjiswa kwezinsiza zomphakathi, ngezinye zezinto ekumele zisukunyelwe.

Uthe iqembu linohlelo olukhona oluzolwa nobubha.

"Uma ningibuza ukuthi izwe lizozuzani ngoJacob Zuma, ngizonitshela ukuthi lizozuza uhlelo i-National Development Plan kanjalo nezingqalasizinda.”



 

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-27°C Afternoon clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C High level clouds. Warm. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...