UPutco uzonxephezela umndeni
2012-03-28 14:07
Johannesburg - Inkampani yamabhasi iPutco
izokwakha kabusha ingxenye yomuzi oshayiswe yibhasi layo eSoweto, lapho okushone
khona abantu ababili, kusho uMnyango wezokuThutha ngoLwesithathu.
Lesi sethembiso senziwe
kuNgqongqoshe wezokuThutha uSbu Ndebele, othe le nkampani kuzomele yenze
uphenyo lwangaphakathi ukuze kotholakale imbangela yengozi.
Uthe iRoad Accident Fund iyona
ezokhokha izindleko zomngcwabo zabashonile, amagama abo adalulwe ngabeSowetan
ngokuthi bangoMike Motswiri, 44, nentombi yakhe uMathabiso Kamadi, 33.
UNdebele nabaphathi bakwaPutco
bazohlangana nezihlobo zabashonile ngoLwesithathu.
Lezi zithandani zishone
ngezikhathi zabo-06:00 ngoLwesibili ngesikhathi ibhasi lingena ekamelweni
lendlu yazo eDobsonville.
Umshayeli uhlulekile
ukulilawula ibhasi washayisa imoto ngaphambi kokungena endlini.
Kulimale abantu abangu-36,
abane kubona balimale kabi.
Baphuthunyiswe ezibhedlala
ezahlukene zasendaweni.
Okhulumela abakwaPutco
uRaphiri Matsaneng uthe abanye abalimele badedelwe khona ngoLwesibili esibhedlela,
kodwa umshayeli webhasi ungomunye wabasasele esibhedlela.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA