UPistorius wenzele uReeva inkonzo yesikhumbuzo

2013-02-27 07:47

Pretoria - Bahlukane sekuhlwile abakwaPistorius njengoba umsubathi u-Oscar, ebenze inkonzo yesikhumbuzo yalowo obeyintombi yakhe uReeva Steenkamp, ePitoli.

UCarl, udadewabo u-Aimee nomalume wabo bahambe ngabo-22:30, ngaleso sikhathi zonke izintatheli ebezikhempe ngaphandle komuzi bese zihambile.

Onogada abebetshalwe bezungeze umuzi bakwazile ukuqinisekisa ukuthi izintatheli azisondeli.

Ngokombiko wenkampani ebhekelele isithunzi sikaPistorius, umsubathi lo ubebambe inkonzo yesikhumbuzo kaSteenkamp.

“U-Oscar ucele ngokukhethekile ukuba kube nenkonzo yesikhumbuzo njengoba esemanzini amnyama nje ezilele ukudlula emhlabeni kwentombi yakhe uReeva," kusho iVuma Reputation Management esitatimendeni.

Inkampani ibe isicela abezindaba ukuba bahloniphe ilungelo likaPistorius lokwenza izinto esithe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Mild. PE: 14-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...