UPistorius uzonqatshelwa ibheyili
2013-02-14 14:02
Johannesburg - Izophikiswa ibheyili yomsubathi wakuleli onemilenze yokufakelwa u-Oscar Pistorius uma esevela eNkantolo yeMantshi yasePitoli, kusho amaphoyisa aseGauteng.
"Uzovela enkantolo kungekudala futhi ibheyili izophikiswa," kusho uBrigadier Denise Beukes.
Lokhu kulandela ukudubula okwenzeke emzini ka-Oscar, nokuphethe ngokufa kukaReeva Steenkamp, obemodela futhi eneziqu zezifundo zomthetho.
"Asikwazi ukuveza okwamanje njengoSA Police Services ukuthi kungani siphikisa ibhiyili," kusho uBeukes.
UPistorius ubegqunywe esitokisini esiseBoschkop, wase edluliselwa eMamelodi Day Clinic kanti kulindeleke ukuthi uma eqeda khona adlulele enkantolo.
UBeukes uthe bezivamile izigameko zokuxabana emzini kamsolwa.
Uthe azikho izimpawu zokuthi kungenwe ngendluzula kulo muzi njengoba ethi owesifazane udutshulwe kucatshangwa ukuthi yisigebengu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA