UPistorius uselangazelele ukubuyela ekuzilolongeni

2013-02-26 08:19

Johannesburg - Umsubathi u-Oscar Pistorius uhlangane namaphoyisa ngoMsombuluko ukuzodingida ngemibandela yokuqala ukuzilolonga, kusho okhulumela amajele njengoba esalinde ukuqulwa kwecala lokubulala intombi yakhe.

Lo msubathi uhlangane neziphathimandla eNkantolo yeMantshi ePitoli ngenhloso yokudingida ngemibandela yebheyili yakhe, ayithola ngoLwesihlanu sekuphele isikhathi esingaphezulu kwesonto esesitokisini.

Abashushisi bathwesa uPistorius icala lokubulala ngenhloso intombi yakhe uReeva Steenkamp ngosuku lwezithandani ecaleni elamangaza umhlaba wonke.

Lesi sihlabani sama-Olympic namaParalympic siyaliphika icala.

Ukuzilolonga kwakhe kungase kuqale ezinsukwini ezizayo, kusho okhulumela ezokuhlunyeleliswa kwezimilo uJames Smalberger, oqhube wathi indawo nesikhathi kusazodingidwa.

“Sicele umqeqeshi wakhe ukuba asihlinzeke ngohlelo lokuzilolonga. ukuze senze ngendlela.”

Lesi sihlabani esineminyaka engu-26 ubudala sidedelwe ngebheyili ka-R1 million ngesonto eledlule.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Sunny. Mild. Bloem: 4-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...