UPistorius usakhungathekile - Ubaba
2013-02-14 12:02
Johannesburg - Ubaba womsubathi wakuleli ongaconsi phansi u-Oscar Pistorius, uthi indodana yakhe "idangele kakhulu" kulandela isigameko sokudubula esenzeke emzini wayo osePitoli, nokushiye intombi ka-Oscar ishonile.
"Angazi luthi okwamanje. Kungaba ukungahloniphani uma singase silokhu sihlawumbisela ngoba akekho olaziyo iqiniso okwamanje," kusho uHenke Pistorius etshela izindaba zomakazo wakwaSABC.
"Uma kukhona umuntu ongaphawula ngalolu daba, nguye u-Oscar. Okwamanje usakhungathekile."
Abenkampani ebisetshenzelwa yilowo obeyintombi ka-Oscar uReeva Steenkamp, 30, baqinisekisile ukuthi impela nguye umufi.
Banqabile ukunaba.
Imibiko yokuqala ithi u-Oscar udubule wabulala lo ecabanga ukuthi yisigebengu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA