UPistorius uboshelwe elokubulala - Umbiko

2013-02-14 10:05

Johannesburg - Indoda eneminyaka engu-26 ubudala, nekukholakala ukuthi ngumsubathi u-Oscar Pistorius, isiboshwe ngamaphoyisa mayelana necala lokudubula ibulale intombi.

Lesi sehlakalo senzeke emzini womsolwa eSilverlakes, ePitoli, kusho amaphoyisa aseGauteng.

"Abahambisi bosizo oluphuthumayo bathi owesifazane ushonele endaweni yesehlakalo, amaphoyisa aqhuba uphenyo. Owesifazane udubuleke ekhanda nakwesingenhla emzimbeni," kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Katlego Mogale.

UMogale akafunanga ukuqinisekisa noma u-Pistorius nguye yini umdubuli, uthi amaphoyisa abizwe ngemuva kokuthi kube nesehlakalo sokudubula.

"Ekufikeni kwamaphoyisa afice abahambisi bosizo lokuqala bexilonga owesifazane oneminyaka engu-30 ubudala. Ushonele endaweni yesehlakalo."

Kutholakale isibhamu sohlobo lwe-9mm, umsolwa uyaphenywa ngecala lokubulala.

Iphephandaba iBeeld libike lathi nguPistorius odubule wabulala intombi yakhe ngephutha ecabanga ukuthi ngumgqekezi.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Sarah Mcira uqinisekise lokhu kwabeBeeld.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-25°C Numerous showers. High level clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...