UPhiyega wabonga amaphoyisa ngemuva kwesibhicongo

2013-01-22 16:24

Rustenburg - IKhomishana kaFarlam ezama ukuthola iqiniso ngokwenzeka esibhicongweni saseMarikana, isibuke i-video eveza uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Riyah Phiyega, ebonga amaphoyisa ngalokho akwenza eMarikana.

Izwi lomthwebuli lizwakala lisho usuku ekwaqoshwa ngalo uPhiyega namaphoyisa, uzwakala ethi kwabe kungumhlaka-20 Agasti, okuyizinsuku ezine ngemuva kwesibhicongo.

UPhiyega uzwakala ethi: “Ngikholwa wukuthi senibe naso isikhathi sokuphefumula, eningasitholanga kulezi zinsuku ezidlule. Angithi nisitholile lesi sikhathi?"

Amaphoyisa azwakala ephendula ethi: "Cha!"

Ukhomishana uzwakala eqhubeka ekhuluma namaphoyisa ethi kumele aqine, ewatshela ukuthi abaphathi bayaqonda ukuthi abhekene nengcindezi.

"Muhle umsebenzi eniwenzile. Siyabonga ngalokhu enikwenzile," kuzwakwala izwi likaPhiyega.

Uzwakala etshela amaphoyisa ukuthi kumele aqinisekise ukuthi ayasigcina isifungo asenza sokuvikela abantu baseNingizimu Afrika, ewatshela nokuthi nawo ayizakhamuzi zakuleli nazo ekumele ziphephe.

Izihlobo zabantu abashona zizwakale zihumuzela ngesikhathi zilalele inkulumo kakhomishana.

Amaphoyisa adubula abulala abavukuzi abangu-34, ngesikhathi kuqhubeka isiteleka sasemayini iLonmin, mhlaka-16 Agasti.

Kuyaqhubeka ukulalelwa kwekhomishana.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- City Press

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C High level clouds. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 7-22°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...