UPhiyega ukhathazekile ngokubulawa kwamaphoyisa

2013-01-09 15:14

Johannesburg - UKhomishana wamaPhoyisa uRiah Phiyega useveze ukukhathazeka kwakhe ngezigameko zokubulala ezihlanganisa amaphoyisa, esho lokhu ngemuva kwesigameko sokubulawa kwephoyisa kubanjwa inkunzi.

"Ungowokuqala oshonele emsebenzini onyakeni ka-2013, emaphoyiseni akwaSAPS," kusho isitatimende sikakhomishana.

UPhiyega uthi ukwanda kwezibhamu ezingekho emthethweni, kunomthelela ekubulaweni kwamaphoyisa.

Ube esencenga imiphakathi ukuthi ihlale iqaphele futhi isebenzisane namaphoyisa ukumpimpa izigcwelegcwele eziphatha izibhamu ezingekho emthethweni.

USergeant Molahlehi Ephraim Mokhasi, 41, udutshulwe wabulawa kubanjwa inkunzi eKopanong, ngoLwesibili.

Abasolwa ngalokhu kubulala, bazovela ngaphambi kwenkantolo ngoLwesine.
 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 21-27°C More sun than clouds. Warm. Pta: 15-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-30°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-32°C Widely scattered tstorms. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-28°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 22-26°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...